Skip to content
Proudly South African educational publishers for 101 years
ELOKISHINI cover
IsiZulu

ELOKISHINI

By M. V. Dladla · ISBN 9781744170037

Choose a format
Sign in to buy

Prices include 15% VAT. Have a voucher? Apply it at checkout.

Orders over R400 qualify for free shipping in South Africa.

Leli yiqoqo lezindaba ezimfushane zokuziqambela elethiwe ngokuthi, Elokishini. Leli qoqo lihlose ukuqhakambisa impilo yomuntu omusha waselokishini. Ngakho izindaba nezigameko zenzeka kwisizinda selokishi laseWembezi, okuyilapho umbhali edabuka khona. Yize esebenzise lesi sizinda, okudingidwayo kulungele ukufundwa yiwo wonke umfundi kuwo wonke amakhona omhlaba. Izihloko ezitholakala lapha zibuka lokhu: umnotho waselokishini, ezobudlelwano ngokwehlukana kwazo, umona, ukufa, ubuntu, ukucindezeleka ngokomqondo, inkululeko, izidakamizwa, umshado, indlala, imali, kanye nezinye izindikimba eziyingxenye yokuphila kwabantu. Sekusele kuwe mfundi ukuthi usine uzibelethe ngakho ukufunda lo msebenzi usike kwelinonile. Angithi leli yithuba lokwambuleleka ngokuhlalisana kwabantu emiphakathini, ukuze ukukhathalele ukuphumelela kwezindawo zethu. Lokhu kuhlose ukuqinisekisa ukuthi lungashabalali ubambiswano nakuba kubonakala ukuthi ukusebenzisana phakathi kwabantu akusekho kahle, njengoba yilowo usezibhekela okwakhe. Sengathi lezi zindaba zingagqugquzela ubumbano emphakathini kanye nentuthuko yomphakathi!

Language
IsiZulu
Format
Paperback