Orders placed during this period will be delayed due to warehouse closure. Normal processing resumes 2nd March 2026.
| Author | : D A MNCUBE , M M MKHIZE, S P MTUNGWA, E A NTOMBELA |
| Hardcopy ISBN | : 9780796053428 |
| Stock | : 479 units |
| Ebook ISBN | : 9780796051974 |
Lolu hlelo luyizingxenye ezintathu. 1. lncwadi Yomfundi Le ncwadi iyingxenye eyisisekelo salolu hlelo ngoba izifundo eziningi ezikuyona zihambelana nezikwezinye izingxenye zalolu hlelo. Kulapho kuthuthukiswa khona amakhono abafundi, kungaba elokulalela nokukhuluma, elokufunda nokubukela kanye nelokubhala. 2. lncwadi yokusebenzela Lena-ke iyizigatshana ezihlelelwe ukuthi emva kokufunda umfundi abhale. lthuthukisa ikhono lokubhala nokuloba. 3. lncwadi kaThisha lngumongo walolu hlelo. lbonisa uthisha ngendlela okuzokwethulwa ngayo isifundo nokubhekana ngqo naso kanye nokwelekelela lapho kudingeka khona usizo, ekuthuthukiseni amakhono ahlukahlukene abafundi. Le ncwadi yenziwe yahamba nomgodla wayo okungamathuluzi okwelekelela uthisha ngezinsiza kufundisa.